uVuma wenzani?

Vuma omhlophe umuthi wenhlanhla futhi uyayithaka imithi yemali uyahlanganiswa nemithi eminingi ukudonsa imali efana no Umthole umuthi, ugelegele umuthi, sondeza umuthi kanye neminye imithi yokudonsa imali. Uma ungumuntu othanda izintombi noma ke sekukhona izifo ezingalapheki lomuthi uyangena emithini yamabhungu ashelayo afuna ukuqonywa ubuthaphuthaphu.

umuthi wemali uma unezibhizinisi

Umuthi oletha imali ekhaya lakho noma kwi bhizinisi lakho noma ngabe uyisangoma or unebhizinisi or unesonto. Imali izobuzwa kuwena. Hlanganisa yonke lemithi uyigaye kube yimpuphu wenze yonke lemithi ngokulingana, uzofutha, uphalaze, ugeze izinsuku ezintathu zilandelana uma kuphuma ilanga ubheke empumalanga ubize imali ubize abathengi uma ungusomabhizinisi. Uzothi uqeda ngalokhu bese ungena lapha ngezansi. Thola lemithi hlanganisa nomuthi uqgule ube yimpumphu wenze ibaso uthathe imali ecwebezelayo (emhlophe: R1 or R2 or R5) ubeke ibaso lakho ubize imali. Omunye faka emanzini ashisayo ukorobhe ngawo ekhaya or ebhizinisini lakho.

uvuma umuthi othakiwe

Ake sithake uvuma omhlophe senze umuthi wokukhanyisa izinto zakho zicace. Umuthi wenhlanhla yemali futhi lona uzobona izinto zakho zicaca nemali izingenela kalula.

ukuphupha Vuma omhlophe umuthi

Amaphupho ngomuthi Vuma omhlophe, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi Vuma omhlophe? ukuphupha umuthi Vuma omhlophe ngabe kuchazani? kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?

Isidikili / isdikili isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyelapha umzimba omubi. Welapha ukudumba komzimba, welaphe izilonda ezimbimbeni ezinhlobonhlobo. Uyaphuzwa lapho unezilonda emlomeni nangaphakathi, uyathoba ngawo lapho unezilonda ngaphandle. Siiyangena kwinsizi yokubethela, siyangena ekuxosheni umuntu ongasamfuni empilweni yakho.
Umpunyumpunyu / Mpunyu / uphunyuka bemphethe isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokucupha umthakathi, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokudlula emaphoyiseni nasezitheni zakho zingakwenzi lutho. usetshenziswa emithini yokuqinisa imoto yakho. Uyadlula ezigebengwini zingakubambi inkunzi. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuthoba izinyawo. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokususa isintwala.
Ubulibazi / izonkozonko  isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokudlula emaphoyiseni nasezitheni bangakwenzi lutho. usetshenziswa emithini yokuchela ekhaya. usetshenziswa emithini yokuqinisa ikhaya.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp